Kubhekwe izelamani zakwaPogba kowe-Europa

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

esabhekana noPaul kwi-Europa.

Imidlalo ye-Europa ibuya ngoFebhuwari 16 ngemuva kwezinsuku ezimbili kubuye iChampions League ngoFebhuwari 14.

Umlando kaFlorentin uyangabazisa ekutheni angagcina emthathile amaqembu ase-England kwazise akasona isilomo njengomnewabo.

UFlorentin (26) uzalelwe eCronakry, eGuinea kodwa umndeni wakubo wathuthela eFrance enezinyanga eziyisishiyagalombili.

Akucaci ukuthi uFlorentin ubenzani kusuka eneminyaka engu-10 ngo-2000 kuze kube uhlanganisa u-17 esethushuka enkulisa yeCelta Vigo eSpain ngo-2007.

Ushiye ngo-2009 eqenjini laseSpain engazange alithole ijezi esikwatini salo esikhulu. Iqembu lakhe lesibili kube yiSedan nokuyiyo emdayisele i-Etiene nayo eqale yambolekisa emuva kwiSedan.

Uke wadlala kwi-U/20 yeFrance phakathi kuka-2011 no-2012 kodwa amarekhodi aveza ukuthi uqale ngo-2010 ukudlalela iqembu lesizwe laseGuinea.

UPaul ngakolunye uhlangothi udlale ezinkulisa zamaqembu amane -Roissyen-Brie, Torcy, Le Havre neMan Unitedphakathi kuka-1999 no-2011.

Asikho isigaba esimeqile emaqenjini esizwe aseFrance uPaul kwazise uqale ukuyidlalela ngo-2008 kwi-U/16.

Uqale ukuboshelwa kwiPremier League eneminyka engu-18 edlalela i-United ngo2011.

Iqhathwe kanje i-Last 16 yeChampions League eqala ngoFebhuwari imidlalo yayo ezodlalwa ngoFebhuwari 14, 15 kuya ku-21

Benfica v Borussia Dortmund; PSG v Barcelona; Real Madrid v Napoli; Bayern München v Arsenal; Manchester City v Monaco; Bayer Leverkusen v Atlético Madrid; Sevilla v Leicester City; Porto v Juventus.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.