‘ISasol ayibhulele awePSL’

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

UNXUSE uMasipala weTheku ukuba ungenelele ufukule ibhola labesifazane uZinhle Shazi ongukaputeni weDurban Ladies eyibamba kwiSasol League, kwiCoastal Stream.

Le ntokazi eyisitobha ithi igebe lingavaleka phakathi kwebhola labesifazane nelabesilisa, isisombululo kungaba ukusondeza iSasol League emaqenjini ayibamba kwiPremier Soccer League (PSL) kanjalo nadlala kwiNational First Division (NFD).

UShazi (30) ofike kwiDurban Ladies ngo-2008, ungowokudabuka eGamalakhe, ePort Shepstone kodwa usezinze eMlaza, eThekwini. Engxoxweni neSolezwe ngeSonto ngesikhathi beziqeqesha olwandle eThekwini, uthe igebe lingavaleka nya uma imidlalo yabo kwiSasol League, ingafakwa ngosuku olulodwa neyamaqembu azinze eThekwini adlala ibhola elikhokhelwayo.

“Ngibona igebe lingavaleka uma uMasipala weTheku ungangenelela ungasiyekeleli. Kungaba ngumqondo omuhle ukuthi imidlalo yamaqembu akwiPSL, nakwi-NFD iqondaniswe ne-fixture yethu. Uma ngingalinganisa nje, kuthiwa i-Arrows inomdlalo ekhaya ngehora lesithathu, kungavimbani ukuthi thina siyibhulele amazolo? Lokhu kungalekelela nathi sithole ukwesekwa nebhola lethu lingene kubantu,” kuchaza uShazi osebenza kwiMedical Research Council, eWestville.

IGolden Arrows (edlala kwi-Absa Premiership), AmaZulu neRoyal Eagles yiwona amaqembu le ntokazi ewabona engaba usizo olukhulu ekufukuleni ibhola labesifazane.

Eqhubeka uphinde wakhala kakhulu ngezinkundla abadlalela kuzona imidlalo yabo.

“Ngikhala kakhulu ngezinkundla esidlala kuzona lapha eThekwini namaphethelo. Siyafisa umasipala ungenelele usisize. Kungani thina singadlali ezinkundleni ezinkulu lapha eThekwini ezifana neMoses Mabhida, King Zwelithini, Chatsworth noma iPrincess Magogo? Ngokwami esinye sezicelo lesi ebengingasiphonsela uMasipala weTheku ukuba usibhekisise,” kuqhuba uShazi.

Esinye sezikhalo kubadlali bebhola labesifazane ukunganakwa abahlwaya ikhono, abafika sebezokhetha abadlali ngoba sekuyisigaba sama-play offs kuphela. UShazi uthi alikho iqiniso kulesi senzo.

“Ngizophumela obala ngisho ukuthi angihambisana neze nendlela abahlwaya amakhono abasebenza ngayo kwiSasol League. Bafika kuphela uma sekungamaplay offs, bakhethe abantu abababona ngalolo suku kuphela. Okubuhlungu ukuthi kunabadlali abasuke benomgqigqo omuhle isizini iqala ize iyophela, ukubona kanjani konke lokho uma uzoba umhlwayi wekhono efika kanye ngonyaka? Ngingalisho ligcwale umlomo ukuthi kusala inqwaba yabadlali ngalesi senzo,” kusho uShazi oyibamba noSlindile Ngubane ozobe ehambe neBanyana Banyana eyodlala eFrance ngoJanuwari 22 eSaint-Denis, eReunion Islands.

Limi kanje iqembu leBanyana Banyana elizobe liholwa osabambile uDesiree Ellis.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.