Amehlo azothi njo kwiBurkina Faso

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

AKUKHO nokuncane ukungabaza ukuthi iBurkina Faso izobe ingesinye sezikwati eziqinile kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2017 ezoqala eGabon noJanuwari 14.

Okuwubufakazi bokuthi izobe ibalwa nezimfivilithi wukuthi izobe ishaya ngenqwaba yabadlali abayisize yafinyelela emdlalweni wamanqamu kwi-Afcon ebiseNingizimu Afrika ngo-2013.

Omunye walaba badlali yisitobha esingazamaziseki emuva maphakathi, uBakary Kone, esidlalela iMalaga La Liga eSpain.

Usehlanganise imidlalo engu-52 eqenjini lesizwe laseBurkina Faso uKone oneminyaka engu-28.

Ngaphambi kokumchaza kakhulu kubalulekile ukucacisa ukuthi lo Kone okukhulunywa ngaye angadidaniswa noBakari Kone wase-Ivory Coast odlala phambili.

Uze uthathwa yiMalaga nje bekufanele aye kwiFulham e-England. Empeleni ngoSepthemba 2015 amabombo ubesewabhekise e-England esuka kwiLyon kodwa iFulham yahlehla ngomzuzu wokugcina ekumsayiniseni.

Lokho kushiye umphathi weLyon ebila yintukuthelo wena owabona uyise wentombi elaxazwe yisoka.

Okunye okungenzeka ukuthi yikho okwacinanisa iLyon yaze yaludlulisela kwiFifa udaba wukuthi yayizovuka no-1.7 million wopondo (R29 million) ngokudayisa uKone kwiFulham.

UKone kubhekwe akulwele ngayo yonke indlela ukunqoba i-Afcon ukugqiba ihlazo lokuthi eminyakeni engu-11 eyibamba ebholeni elikhokhelayo usanqobe izicoco ezimbili. Nazo lezo zicoco azitheni kwazise yiCoupe de France ayidle neGuingamp ngo-2008/2009 wayiphinda neLyon ngo2011/2012.

Okunye okuqaphelekayo ngalo mdlali wukuthi akaliboniswa igoli njengezinye izitobha ezingabeki phansi ngekhanda.

Angazithethelela nokho ngokuba neshwa lokungasayiniswa amaqembbu amakhulu anabadlali abaphilela ukulwela izicoco.

Empeleni emaqembu aseke adlala kuwo mhlawumbe ngaphandle kweLyon, kusesikwatini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.