Ugxeka izikhulu ngokwehla kwabalandeli

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

INGQALABUTHO kubalandeli beKaizer iChiefs uFreddie “Saddam” Maake ikhomba ngenjumbane ababhekene nezokuxhumana emaqenjini ePremier Soccer League (PSL) ngokwehla kwesibalo sabalandeli ezinkundleni.

Sekuqala ukwethusa ukwehla kwesibalo sabalandeli bezinkunzi zePSL okuyiChiefs neOrlando Pirates emidlalweni yasekhaya.

Lawa maqembu bekwaziwa ukuthi emidlalweni yawo abalandeli bathutheleka ngezinkani.

Exoxa neSolezwe ngeSonto ngembangela yokwehla kwesibalo sabalandeli ababonakala sebehluleka ukugcwalisa inkundla emidlalweni yeChiefs yasekhaya uthe kunezizathu ezimbalwa.

“Abantu ababhekene nezokuxhumana emaqenjini sebeqhele kakhulu kubalandeli, akusafani nakuqala.

“Esikhathini esiphambili bebekwazi ukuxhumana nosihlalo bamagatsha ukubakhuthaza ukuthi banxenxe abalandeli beze ezinkundleni.

“KwiChiefs uLouis Tshakoane ubephuma angene emgwaqweni ahlangane nosihlalo bamagatsha. Ubebakhuthaza ekutheni bangakhohlwa ukugqugquzela abalandeli bathutheleke enkundleni ngosuku lomdlalo.

Ubekwenza lokhu kusasele isonto ngaphambi kosuku lomdlalo,” kusho uMaake.

“Okunye abantu sebaba namaDStv akhombisa imidlalo eminingi ngesikhathi esisodwa. Umuntu usekhetha ukuhlala ekhaya abukele imidlalo eminingi kunokuya enkundleni.”

Uqhuba uthi abalandeli basadinga ukukhunjuzwa ngokuthi awubi ngumlandeli ngoba iqembu liwina kodwa noma lehlulwa uwa uvuka nalo.

“Abalandeli bahlukene kabili kukhona iziwengu okuyilabo abangekho emagatsheni okuthi uma izinto zingahambi kahle eqenjini balinyibele noma balwe. Umlandeli onekhadi uyazi ukuthi kulandelwa yiphi imigudu uma kunezikhalo,” kusho uMaake.

Uphinde waveza iphuzu nathi nalo linomthelela ekutheni abantu bangabi klamuklamu, ngokuya ezinkundleni ngoba akukho okubaqeda isizungu ngesikhathi belindele ukuqala kwemidlalo.

AbeStadium Management South Africa okuyibona ababhekene nokusetshenziswa kwezinkundla ezine eGoli benqabile ukukhipha izibalo zabalandeli emidlalweni yalawa maqembu uma edlalela ekhaya.

Leli phephandaba likwazile ukuthola izibalo ezingaqinisekisiswe.

Zikhomba ukuthi Amakhosi eFNB Stadium, aheha abalandeli abalinganiselwa ku-7000, ekubeni le nkundla imumatha umthamo wabantu abangu-78 772.

Kuvela ukuthi omakhelwane bayo i-Orlando Pirates, ibukelwa abalandeli abafinyelela ku-10 000, okungesona nesigamu somthamo omumathwa esikaMaminzela (Orlando Stadium) owu-36 761.

Le zibalo zikhomba ukuthi lawa maqembu ehlangene angazama ukugcwalisa iRand Stadium, yona emumatha isibalo esiphansi kakhulu njengoba ihlalisa abantu abawu-17 073.

Kuthiwa isimo sibangcono kwiChiefs uma idlalela eMoses Mabhida lapho ekwazi ukuhlanganisa isibalo esingaphezuu kuka-40 000.

Ethintwa ngale simo sikanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika uLuxolo September, uthe le ndaba ingaphezu kwakhe ngakho ucela kuxhunyanwe noMato “Mkabayi” Madlala, oyisikhulu esiphezulu kwiPSL.

UMadlala uthe: “Unyaka ubumude ngakho ngisaphumule izindaba zebhola sizozibona uma sekuvuliwe ngakho ayikho into engingayisho ungixolele kakhulu,” kusho uMadlala ngomoya ophansi.

Imizamo yokuthola uJessica Motaung, ongumqondisi wezokukhangisa kwiKaizer Chiefs Family, ayiphumelelanga. Umakhal’ekhukhwini wakhe bewungaphendulwa. Nenkulumo athunyelelwe yona nge-email akayiphendulanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.