UMtyanda ubheke u-2017 omnandi

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

NGESIKHATHI iningi lezilomo zezemidlalo ziphansi phezulu nokungcebeleka ezindaweni ezahlukene kodwa ingqomondo yeCell C Sharks, uLubabalo ‘Giant’ Mtyanda, isheba umthandazo nomgwaqo iziqinisela isizini ka-2017. Isizini ka-2017 izoqala ngoFebhuwari kodwa uMtyanda uyoze alungele ukuboshelwa ngoMashi ngenxa yokulimala okumxine maphakathi neka 2016 esongwe ngo-Agasti. Yikho kanye lokhu kulimala okumenza ashebe umgwaqo nomthandazo. “NgiseBhayi sikhuluma nje. Sivalile sanikwa imigomo yethu eyahlukene okumele siyilandele ukubuya siyimiqemane. Imidlalo yeSuper Rugby iyaqala ngoFebhuwari kodwa mina ngizoze ngilungele ukudlala ngoMashi ngokusho kongoti,” kusho uMtyanda. “Okwami kuthe ukuqina ngoba angikalungeli ukudlala. Kuyimanje

ngikhathele ngiyimvithi ngibuya ekushayeni umgwaqo. Ngivuka ngigijime ngibuye ngiphumule ngiphinde ngibuyele. Isikhathi sokungcebeleka kimi asikho. Ngisebenza leli dolo ndoda.”

UMtyanda ulimale idolo ingakapheli isizini ka-2016 yeSuper Rugby. Lokhu kuholele ekutheni eqiwe nayiCurrie Cup egcine ikhale amaphepha neCheetahs, eyidle ingakaze yehlulwe ngo-2016.

Yize bezobe bengekho abadlali abafana noMtyanda kodwa iqembu laseThekwini kulindelwe liqale kahle kunangeminye iminyaka embalwa edlule.

Nonyaka lizoqala ngemidlalo okungathiwa ingcono. EzikaMtyanda zizovula ngompetha baka2011 iReds e-Australia lapho zizolandelisa khona ngeBrumbies neWaratahs.

Umdlalo weReds ungoFebhuwari kuthi oweBrumbies neWaratahs ibe ngoMashi.

Umdlalo wokuqala ekhaya weSharks ungoMashi 18 bese kulandela oweCheetahs ngoMashi 25 nokuyiyo okungenzeka ayidlale uMtyanda kwazise mancane amathuba okuwelela e-Australia nomdlali obuya ekulimaleni ekubeni esazophinde atutshwe wuhambo olude.

Imidlalo yokuqala yamaqembu aseMzansi yeSuper Rugby ka-2017:

Febhuwari: 24, Reds v Sharks ngo-11am; 25, Cheetahs v Lions (Toyota Stadium, 3.05pm); 25, Kings v Jaguares Nelson Mandela Bay Stadium, 5.15pm); 25, Stormers v Bulls (DHL Newlands, 7.30pm). Imidlalo emihlanu yokuqala yeSharks: NgoFebhuwari: 23, Reds e-Australia; NgoMashi: 4, Brumbies e-Australia; 11, Waratahs e-Australia; 18, Kings eGrowthpoint Kings Park; 25, Cheetahs eFree State.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.