VULA, VALA

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

WAQALA unyaka omusha. Ngokwencoko leWhatsApp iveji ebeliyisaladi ngoDisemba, seliyisishebo ngoJanuwari. Angingabazi ukuthi izimpunyela zikaDisemba ebezinenkinga yokulala (ngenxa yokuthi “akulalek’ ‘mawunemali”), ziqwashiswa wukuvaleka manje.

Ngabe ngenza iphutha uma ngingaqali ngokudlulisa izilokotho zonyaka omusha kubafundi beSolezwe ngeSonto nabengosi iVula, Vala.

Okumhlophe njengezihlabathi zolwandle ngo-2017.

Nami njengenqwaba yabalandeli neziwengu bezemidlalo, nginezifiso ngonyaka omusha.

Eqhulwini ezifisweni enginazo wukuphathwa kahle kwezemidlalo jikelele, ukuqashwa komqeqeshi “ofanele” weBafana Bafana, amagoli nobisi lomthenisi kwiPremier Soccer League (PSL), ukuphela kwenkohlakalo kwikhilikithi, impumelelo ku-Allister Coetzee (anginandaba naMabhokobhoko, ifa lezingamula), impumelelo kaSteve Komphela kwiKaizer Chiefs (ngimfisela ukuthi siphele kahle isahluko sakhe esisha sokuqeqesha iqembu elikhulu), ukubuya kwedumela lomdlalo wamangqi’mngqim’.

Ngiloba nje kuzoqala umqhudelwano i-Africa Cup of Nations kodwa aBafana bazobe beqhethe kosofa nabalandeli, u-Alviro Petersen umiswe iminyaka emibili yiCricket South Africa ngokuthinteka ekudayiseni imidlalo (ubala nabanye abalingani bakhe), izinto azimhambeli kahle “uToetie” kuMabhokobhoko, “uMphathi” azimuzwa iziwengu zaMakhosi, isizini yePSL imaphakathi kodwa umshayimagoli oziholayo unamagoli angu11, abashayisibhakela baseNingizimu Afrika bashaya ingqindi ezacile kwi-International Boxing Federation nakwiInternational Boxing Organisation.

Namuhla bengihlose ukutomula emgodleni wami ngibikezele ukuthi izinto zizohamba kanjani kulo nyaka, njengokuthi iMamelodi Sundowns izosivikela isicoco sayo, uGavin Hunt ngeke ayinuke iligi, umqeqeshi ozothatha izintambo kuKomphela (uma efakwa umgxala) ngeke afike nasimanga kwiChiefs, i-Orlando Pirates izoqhubeka nokuphoxa igubha iminyaka engu-80 yasungulwa, umgadli wePirates uTendai Ndoro uzoqhubeka nokutamuza amagoli.

Amabhokobhoko azoqhubeka nokubhacaza, uToetie unukelwa yizembe emakhaleni, uCaster Semenya uzoqhubeka nokubagcwalisela.

Ngenxa yokuthi ngeke ngibe nokuthula emoyeni unyaka wonke uma ngingabhodli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.