NoLANGA KHANYILE

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

ngento eyenzeke ngasemaphethelweni onyaka odlule.

Umoya wami awukutholi ukuphumula ngempatho engenabulungiswa okuphathwe ngayo umdlali wekhethelo.

Abadlali bekhethelo badinga ukuphathwa ngendlela ekhethekile. Umphumela walokhu wukuthi impatho ekhethekile yenza laba badlali abayivela kancane bagile izimanga ensimini, bakwazi ukuvula kuvaliwe, badlalise iqembu ngisho kuthiwa ibhemile, izinto ziyabhimba.

Phakathi kwalolu hlobo lwabadlali emqondweni wami kufika amagama oJomo Sono, “u-Ace” Ntsoelengoe, “uProfessor” Ngubane, uDoctor Khumalo, “uShakes” Kungwane noPortia Modise.

Lolu wuhlobo lomdlali okwazi ukuwinela iqembu umdlalo ngomnyakazo owodwa. Ngokubalula lolu hlobo lwabadlali, angiqondile ukukhuthaza ubuhlongandlebe kubadlali noma ukwenzelela ekuphathweni kwabanye abadlali.

Engikushoyo wukuthi “umkhuthuzi” ne“mbongolo” abathathwa ngokufana. U-Amanda Dlamini, umdlali weBanyana Banyana neJvW Girls, ngomunye wabadlali bekhethelo.

Ukushiywa kwakhe eqenjini leBanyana kwiCaf African Women Championship ngoNovemba 19 kuya kuDisemba 3 akubanga neqiniso. Nokushiywa kwakhe eqenjini elizodlala umdlalo wesihle neFrance ngoJanuwari 22 kunuka santungwana.

Isizathu esabekwa wumqeqeshi obambile uDesiree Ellis asikho.

Wathi “uToki” umshiya ngoba engakwazanga ukuba neqembu emidlalweni emibili yokuzilungiselela, ngakho ukumfaka eqenjini kwakuzonika abanye abadlali isithombe esibi.

Iqiniso wukuthi uToki wayebikile ukuthi kunetoho elimxinile eThekwini.

Izikhulu zeSouth African Football Association (Safa) zenza into embi zivumela u-Ellis enze umathanda.

Okuhlalukayo wukuthi u-Ellis wayeqhutshwa wumona ngempumelelo kaToki njengoba engakuzuzanga okuzuzwe wuToki esengukapteni weBanyana.

Intokazi yaseHarding imele izwe kabili kumaOlympic, yaba yiMost Valuable Player nge2010 African Women’s Championships, ingumhlaziyi weSuperSport, iyinxusa lakwaJockey ineziqu zasenyuvesi.

Kwathi dwe sengibhodlile, asivule, sivale ngo-2017.

ULanga Khanyile uwumqondisi kwaLikhanyile Tutoring & Media. Mthinte ku: langak@likhanyiletm.co.za.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.