UKhune uyisibonelo esihle entsheni jikelele

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

wazi ukuthi kunzima (ukuzinza esicongweni) nawe uzomesasela. Bahlezi besho ukuthi kulula ukukhuphukela esicongweni kodwa into elukhuni wukuzinza khona isikhathi eside. Yena kungazuthi usenzela ukuphikisana naleyo nkolelo. Cabanga nje singakanani isikhathi ebizwa ngeMzansi’s Number 1? (ohamba phambili eMzansi).”

IChiefs iye kuKhisimusi isendaweni yesine kwi-log yePremiership kanti uKhune nozakwabo ezintini zeChiefs, uBrilliant Khuzwayo, basangenelwe amagoli angu-12.

Nguye uKhune obesezintini iChiefs ikhishwa kuseva yiCape Town City kwiMTN8 kanjalo nangesikhathi ikhishwa kwiTelkom Knockout.

“Ngaba nenhlanhla enkulu yokumbona ngomdlalo wakhe wokuqala kwi- wukuthi nguye obesezintini zemidlalo yeBafana yokuhlungela i-Africa Cup of Nations eseGabon ngo-2017.

“Enye inhlanhla esengike ngaba nayo wukukhuluma nabaqeqeshi bakhe, ngabe yiseqenjini lakhe noma kwiBafana Bafana kodwa bonke bavumelana ngento eyodwa, indlela aziphatha ngayo ejimini yiyo aziphatha ngayo emidlalweni esemthethweni.

“Akakushiyi ungabaza ejimini bese evuka enkundleni,” kugcizelela uShongwe.

IBafana ayimele kwi-Afcon ka-2008 eGhana, ungene emlandweni kulo nyaka eba ngunozinti oseboshelwe kuyo ukubedlula bonke onozinti bayo ngemidlalo engu-87.

“Lelo rekhodi kubukeka kusazothatha isikhathi ukuba lephulwe,” kusho uShongwe.

Usanqobe izicoco ezingu-12, waqokwa kathathu njengonozinti ovelele kwiPSL nanjengomdlali ovelele ngo-2012/2013.

Ekupheleni kukaNovemba uKhune ubekleliswe ohlwini lonozinti abangu-10 abaphambili ngokweFederation of International Football njengomqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane naye obekwe kunombolo-10 ngaphambi kukaArsene Wenger oku-11.

Ukuzigcina eseqophelweni eliphezulu uKhune kumenze walandela emzileni okwahamba kuwona inkakha nengqalabutho konozinti beChiefs uJoseph “Banks”Sethlodi.

USethlodi wabangomunye wabadlali okwasungulwa ngabo Amakhosi ngo-1969, esabizwa ngeKaizer X1, ngenxa yekhono lakhe ngo 1970 waboshelwa esikimini okwagaselwa ngaso kwiiNational Professional Soccer League (NPSL). Wathi khumu ngo-1980.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.