UMotsepe unegalelo empumelelweni kaMosimane

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

ukukubonisa ngoba lokho akukukhulisi.

Kufanele uma ungumqeqeshi omkhulu uke ubukele iphini lakho liqhuba umsebenzi ukuze wena ukwazi ukubona ukuthi iqembu lakho lihlangana kanjani,” kusho uNgomane.

UMosimane wehlule abaqeqeshi abaziwayo abafana no-Arsene Wenger oqeqesha i-Arsenal noJose Mourinho wodumo lweManchester United ongazange abonwe nangokhalo kuloluhla.

“Impumelelo enje bekwaziwa ukuthi ngeyohlanga olumhlophe.

“Ukuqopha umlando njengoPitso akuyona into elula uma ucabanga ukuthi ubeqhudelana nomuntu onjengoWenger osecije i-Arsenal iminyaka engaphezulu kweyishumi.

“Le mpumelelo kaPitso yizithelo zemisebenzi emihle kaPatrice (Motsepe) ngokumnikeza ithuba maqede wamvumela ukuthi asebenze nabantu abanolwazi olunzulu ebholeni laseMzansi,” kusho uNgomane.

Uthi impumelelo kaPitso ayigcini ngabantu base eNingizimu Afrika kuphela kodwa ne-Afrika yonkana.

UNgomane uphethe ngokuthi waba negalelo elikhulu ngesikhathi esasebenza njengosomaqhinga weSafa ekutheni uMosimane agcine engumqeqeshi weBafana Bafana ngoba kumqoka ekutheni kunikwe abaqeqeshi bendabuko ithuba.

UMosimane ubebanga noDiego Simeone( Athletico Madrid) ohambe phambili, Zinedine Zidane (Real Madrid), Claudio Raneiri (Leicester City), Pep Guardiola

(Manchester

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.