Izinkinga zenkokhelo ngomcimbi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

Shades izokhokhela i-Emza uR300 000 ngosuku lomcimbi, ngemali yokuthengwa kwamathikithi.

UBoni uthe lo mcimbi wawuxhaswe wuMasipala weTheku.

“Bacelwa ukuthi bathumele amaphepha abo kumasipala ukuze bakhokhelwe. Bayakwazi lokho. Uyedwa kuphela osewahambisile,” kusho uBoni.

UVusi uthe abayinikanga umasipala imali yabo, bayinika uBoni.

IPhini leNhloko yezokuXhumana kuMasipala weTheku, uMandla Nsele, uthe inkokhelo isalungiswa ngokweSupply Chain Management Policy.

UVusi uthe lokho okushiwo umasipala akuqondene nabo.

UNsele uthe: “Umhleli womcimbi wacela uxhaso kuMasipala weTheku lokukhokhela onogada, umsindo nesiteji.”

UNsele uthe akukho azokuphawula ngemali kaVusi neye-Emza.

UVusi uthe uBoni akasazibambi izingcingo zabo.

UBoni uthe akabaleki, iselula yakhe ihlale ikuye.

UVusi uthe uBoni ngumuntu onamanga ongathembekile.

“Ngiyaphoxeka ngoba bengimsiza ngoba sikhule naye KwaNdengezi ejwayelene nodadewethu osashona,” kubalisa uVusi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.