Usesitokisini osolwa ngokubulala usana

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

UGCINWE esitokisini owesifazane waseHammarsdale okuthiwa uncishe umoya usana lwakhe olunezinyanga eziyisishiyagalolunye ngokulimboza ngesiqamelo ebusweni, laze lashona ngemuva kwengxabano noyise walo ngoLwesithathu ebusuku.

UNksz Hlengiwe Radebe (23) kuthiwa uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseMpumalanga ngoLwesihlanu, icala lakhe lahlehliselwa isonto elizayo lapho okulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili.

Kuthiwa usana, uLuthando Zondi, luphuthunyiswe emtholampilo wendawo eHlengisizwe wuninakhulu uNksz Silungile Radebe ngemuva kokuthi indodakazi yakhe imtshele ukuthi isiyibulele ingane yayo.

Ngokusho komthombo, emtholampilo bathole ukuthi usana beseluvele lushonile.

“Kuthiwa unina wengane ufike wayithatha ihleli nogogo wayo endlini enkulu waya emakamelweni angemuva kwendlu. Kusolwa ukuthi uyincishe umoya ngokuyimboza ngesiqamelo yaze yashona ngoba ibingenazo izimpawu zokulimala noma zokuklinywa. Idamu lalo litholakale phansi. Ubuyele endlini ngemuva kwemizuzu ewu-15 watshela unina ukuthi useyibulele ingane,” kusho umthombo.

Uthe kunamahlebezi athi uNksz Radebe ubehlale exabana noyise wengane, okusolwa ukuthi yikho okuholele ekutheni athathe isinqumo sokuyibulala.

Ilungu lomndeni kayise kaLuthando, lithe bayaveva ngesenzo sikaNksz Radebe.

“Akaqali ukuyenza le nto. Emasontweni ambalwa edlule uke wayiklinya ingane kodwa wahluleka ukuyibulala. Ubengaze ayibulale ngesihluku esingaka,” kusho leli lungu.

Uthe bafuna abolele ejele uNksz Radebe ngokubulala umphefumulo ongenacala.

Leli lungu linqabile ukuxhumanisa Isolezwe ngeSonto noyise wengane, lithe akekho esimweni sokukhuluma.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal uLieutenenant Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseMpumalanga abophe owesifazane oneminyaka ewu-23 ngecala lokubulala usana olunezinyanga eziyisishiyagalolunye.

“Umsolwa uvelile enkantolo yeMantshi yaseMpumalanga ngoLwesihlanu, kulindeleke abuyele ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa ukuyofaka isicelo sebheyili,” kusho uZwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.