Kugwazwe umculi wafa

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

BASALILA abaculi abebengabangani bomculi uSizwe Shabalala ogwazwe washona ngoLwesine ntambama ePinetown entshonalanga yeTheku ebanjwa inkunzi.

UShabalala (46), obengumshayi wesigingci egxile kwi-blues ne-rock, kusolwa ukuthi ugwazwe washona ephucwa umakhalekhukhwini.

Ngokusho kwamaphoyisa, ugwazwe esifubeni waphuthunyiswa eCrompton Hospital, lapho efike washonela khona. Sekuboshwe ikhehla ngokubulawa kwakhe.

“Umsolwa (60) uzovela eNkantolo yeMantshi ePinetown ngoMsombuluko (kusasa),” kusho okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-Colonel Thulani Zwane.

Abaculi abaningi okukhona kubo umshayi sigcingci uSteve Fataar noRichard Ellis bazwakalise ukudumala nokushaqeka ngokubulwa kukaShabalala ebulawelwa umakhalekhukhwini.

Umbhali wemidlalo yeshashalazi uBen Vos yena ubhale eseSri Lanka wathi: “Ngithole izindaba ezibuhlungu namuhla. USizwe Shabalala ubulawelwe umakhalekhukhwini ePinetown.

“Ubengumngani wami omkhulu esikoleni nasenyuvesi. Ngizomkhumbula ngethalente lakhe nenhliziyo enhle nokuthanda impilo. Uhambe kahle mfowethu.”

NgoLwesihlanu abangani babuthane endaweni yokudlela ebuye imeme amabhendi omculo, iZack’s, ekuWindermere Road eThekwini bezobhonga emswaneni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.