Kufiselwe isilomo somculi wowokholo ukululama esibhedlela

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

ufisele uLundi Tyamara ukululama njengoba elaliswe esibhedlela ngenxa yokugula.

Lo mculi ungeniswe esibhedlela ngoDisemba ngenxa yokuhlaselwa yisifo sofuba, ubuhlungu esifubeni nenkinga yesibindi.

Ku-twitter uMthethwa uthe, “Sifisela isihlabani somculo wokholo uLundi Tyamara ukululama. Asikhohliwe nguwena futhi sihleli sikukhulekela.

Umholi we-EFF uJulius Malema naye ku-twitter uthe: “Ngisanda kukhuluma nenkakha emculweni wokholo uLundi, uyelulama esibhedlela.

“Ngiyajabula ukuthi uyelulama, uzophuma ngokushesha.”

Abanye bagxeke ukusatshalaliswa kwesithombe sikaLundi esesibhedlela elele embhedeni ebambekile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.