Mini emnandi ANC yize unuka inkohlakalo
MHLELI: Ngithi halala kwiANC egubha iminyaka engu105 yaba khona emhlabeni.
Asiwubongele umbutho wabantu owasikhulula emaketangeni obandlululo thina bantu ababecindezelwe.
Njengoba uKhongolose uzobe uhlangene e-Orlando Stadium eSoweto, ngithi ake abaholi bakhumbule ukuthi babekelwani.
Ukugodola ukuya eFNB Stadium kuyizinkomba zokuthi abantu bayaqhela embuthweni futhi izizathu ziyaziwa.
Abantu okumele ngabe benza i-ANC ithandeke kubantu bahambela phezulu, bazinakele ukuzicebisa bona bangabise nangomnotho wabo.
Igama le-ANC lingcoliswe inkohlakalo nokukhwabanisa. Yize kunjalo sithi, imini emnandi kuyo njengoba ihlanganisa u-105 weminyaka. Vusi Khumalo HAMMARSDALE