Umshikashika uqala manje kubafundi

Isolezwe ngeSonto - - IMIBONO/EZINOHLONZE -

MHLELI: Ngithi angithathe leli thuba ngihalalisele bonke abafundi abaphase u-matric. Umshikashika yima uqala manje. Bese ngithi kulabo abangaphumelelanga, akusona isiphetho sabo lesi.

Buyelani ezikoleni niyokwenza kangcono amamaki enu.

Ukufeyila akusho ukuthi uyisahluleki kodwa kusho ukuthi kukhona lapho ungenzanga kahle khona, futhi ziningi izizathu ezingaholela ekufeyileni.

Ngicela abazali bezingane ezifeyilile ukuthi bangazilahli kepha bazigqugquzele ukuze zingalilahli ithemba.

Siyabadinga abantu abasha abafundile abazoya emanyuvesi babe wutho emphakathini.

Abazali abangazenzi iziqengqe ngezingane baze bazisabise ngokuzishaya nokuzixosha ngoba zifeyilile. Zamani Mahlangu RICHARD’S BAY

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.