UThembisile usevule inkampani yokuqopha

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

UMCULI uThembisile Ntaka owayecula kwi-Adilah usevule inkampani yakhe yokuqopha iThembisile Ntaka Production njengoba i-albhamu yakhe yesithathu ezoyikhipha ngaphansi kwayo.

UThembisile (35) kuleli sonto uthe uzoba sembhidlangweni wokugqamisa i-albhamu yakhe ephrojuswe wumdlali wopiyano uNduduzo Makhathini ohlonishwayo. Unama-albhamu amabili awenza kwi-EMI, ethi Thembisile nethi The Journey kanti uthe ukuzimela akulula.

“Isinqumo sokushiya enkampanini sasisabisa, ngoba ngangingenabo abantu engangixhumene nabo kakhulu ababezongicathulisa,” kusho uThembisile.

Uthe uthando lwakhe lomculo yilona olumholele ezintweni ezinkulu. Uveze ukuthi yize kunzima kule ndima kodwa ubonga indlela akhule ngayo emenze wakwazi ukubekezela.

“Ngikhule kanzima eHammarsdale eMpumalanga. Ngashonelwa umama ngineminyaka engu-12 ubudala. Ngaleso sikhathi kwakunguyena owayesondla. Sasala nobaba nodadewethu ababili. Impilo yabanzima njengoba kwasekufanele ngihlanze indlu ngineminyaka engu-14. Kwathi sengina-15 kwadingeka ukuthi ngiwashele othisha izingubo ukuze ngibe nemali ukuze sikwazi ukuphila ekhaya,” kusho lomculi wembungculu.

Uthe ukhule kungekho umuntu abukela ngaphandle kwabantu ayebabuka kuthelevishini.

“Akekho umuntu emndenini engangibukela kuyena okwakungenza ukuthi ngifune ukufana naye. Abantu engangibukela kubona uRebecca Malope, Miriam Makeba noBrenda Fassie abangasekho. Lokho kwangenza ngangenela umcintiswano weCoca Cola Popstars ngineminyaka engu-20 saphumelela sabumba i-Adilah namanye amalungu ayewinile. Senza umucu othi Ses’fikile ngo-2000.”

Yize zaba khona izivunguvungu kodwa akalilahlanga ithemba.

“Okungenza ngisebenze kanzima ukuthi angifuni ukubuyela emuva. Ayikho into egqugquzela njengokungafuni ukubuyela lawuphuma khona,” kusho uThembisile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.