UKelly ukhonjwa kuma-

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

abangezokuqashwa ngokugcwele kuze kuphele isizini. Okhulumela iMzansi Magic uNondumiso Mabece akavumanga futhi akaphikanga ukuthi uKelly uzoba yijaji kule sizini. Uthe okwamanje besingakathathwa isinqumo ngokuvala isikhala sikaGareth Cliff. “Obeku-sacatshangwa njengamanje ukuthi kulandwe osaziwayo abane abazosetshenziswa ngesikhathi senhlolokhono ezindaweni ezahlukene,” kusho uNondumiso. UNondumiso akakucacisanga ukuthi kuzogcina kwenzekeni ngemuva kwenhlolokhono. UKelly akatholakalanga ukuthi aphawule kulolu daba ngenxa yokuthi ucingo lwakhe belulokhu luvaliwe. Kuzobe kungeyona into entsha lo mculi esebenzisana noMzansi Magic njengoba eke wahola ikhwaya yaseGauteng kwiClash of the Choirs nyakenye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.