Inhlokokhono yabalingisi eK Cap

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

IK Cap eKwaMashu izokwenza inhlolokhona kubalingisi abangu-25 ezobaqeqesha kulo nyaka njengoba ihlala yenza minyaka yonke. Le nhlolokhono izokuba ngoLwesine eKhaya Multi Arts Centre, KwaMashu.

U-Edmund Mhlongo ongumsunguli weK Cap uthe laba abangu-25 bazongena ohlelweni lwabo lwaminyaka yonke olubizwa ngokuthi yi-Actors Incubation Mentorship Programme (Aimpro). Uthe nyakenye banxuse abantu abanothando lokulingisa nabafuna ukuqeqeshwa ukuba bafake izicelo.

“Ngabantu abangu-160 abafaka izicelo. Bonke laba abafaka izicelo sibabizile, sizobahlola ukuthi banalo yini ikhono elincane lokulingisa. Njengoba bengu-160 sizobahlunga kuze kusale abangu-25. Silindele abantu abagcwalisa amafomu kuphela. Uma wazi ukuthi awuligcwalisanga ifomu ungazihluphi ngokuza,” kusho uMhlongo.

UMhlongo uthe bafuna abantu abakwazi ukucula nokulingisa.

“I-Aimpro isikhiqize abalingisi abaningi abakuZalo, kuGenerations: The Legacy ngisho naphesheya kwezilwandle emazweni ehlukene. KuGenerations kukhona uBrenda Mhlongo (ongunkosikazi kaMhlongo) kuZalo uNompilo Maphumulo odlala indawo kaNosipho Xulu, Lihle Shoba ozoqala kuSeason 3, Nikiwe Yika oya kwi-American Academy School of Acting, Mbali Mkhize, Nqubeko Nxumalo osekwiNew Film Academy nabanye abakwezinye izindawo.”

Uthe bazoqhubeka nokukhiqiza abanye abalingisi abasezingeni elicokeme.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.