Yekani ukudlala ngeklabishi bakithi

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

BAKWETHU siyazi ukuthi uJanuwari yinyanga enzima kwabaningi.

Sonke sinezidubulo zikaDisemba.

Le nto yokulokhu kuhlekiswa ngeklabishi angiyithandi. Nisithathaphi nje isibindi esingaka sokuhlekisa ngokudla?

Asizidleleni nje iklabishi singabanaki abafuna ukulidla ngamaqhinga. Nangu noFebhuwari ngiwubekile kuzobe kusenje, phela izingane ziphindela ezikoleni. Engathi lisazoba wukudla nje kwangempela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.