ISaint and Sinners igabe ngabalingisi abasha

Isolezwe ngeSonto - - EZEMISAKAZO -

UKHUZA ibuya umdlalo wethelevishini iSaint and Sinners kuMzansi Magic ngo-8 ebusuku. Kuzobe sekuyisizini yesithathu yalo mdlalo.

Okhulumela iMzansi Magic, u-Emmah Ngomane, uthe yize iningi labalingisi abayizintandokazi zibuyile, kodwa kukhona nabanye abasha asebengeziwe kuwona.

“Kukhona uThami Mngqolo ozobe edlala indawo kaDavid, Baby Cele (Celiwe), Aya Mpama (Baby) noBongiwe Ngidi odlala ekaKhethiwe. Kubalingisi akade bekhona nguTumisho Masha kuphela ongezobuya kubona,” kusho u-Emmah.

UReneilwe Sema oyinhloko emkhakheni wemidlalo yethelevishini yakuleli kwaM-Net, uthe ngalo mdlalo kuvezwa yonke into eyenzeka emphakathini esikhathini samanje.

Uthe uma uzoqala esiqeshini sanyakenye lapho kuzobonakala khona uMamohato evalelwa ejele. UPhindi yena uzohlukana nonina, uBoni asale edidekile kanti uNdumiso uzocaciseleka ukuthi kungani unina engene ebugebengwini. Ngakolunye uhlangothi uMamohato uzobe ezivumela yena enkantolo ukuthi wantshontsha ingubo yokuya kwi-matric dance ngenxa yokuthanda umndeni wakhe, nokuthi wabulala ngenhloso yokuvikela uPhakamani.

USema uthe ngesizini entsha ababhali baveza okuhle nokubi. Ekugcineni uthe wonke umuntu uyazikhethela indlela afuna ukuyiphila. Uthe okubuhlungu ukuthi abanye kulo mdlalo bayaphunyuka emacaleni okubulala.

*Khona manjalo iLockdown izongena ngo-8 ebusuku esikhundleni seS’thunzi kusasa. Inenqwaba yabalingisi besifazane abasjele. Umlingisi uLorcia Cooper ulwela ukuphatha ejele kanti uThandeka Dawn King yena uzifunela ukuphuma. Abanye abalingisi ngoZola Nombona, Slindile Nodangala, Lindiwe Ndlovu nabanye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.