Uhlulekile obethi uzibulala ngogesi

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE -

OWESIFAZANE oneminyaka engu80 uzame ukuzibulala ngokugibela esigxotsheni sikagesi athinte izintambo zawo kodwa kwangenzeka lutho.

Lokhu kudale ukuthi abebebukela basole lo wesifazane ohola impesheni waseNigeria ngokuthi uyathakatha. Bebezibuza ukuthi kungani ethinte izintamba zikagesi kodwa kungenzeki lutho kuyena.

Ngesikhathi esehla engabanjwanga ugesi, abantu baqalile bamsola ngokukhunkula.

Ukuthakatha eNigeria kudla lubi ikakhulukazi kwiDelta Region ecebe ngowoyela.

Kuthiwa abathakathi bayakwazi ukukuhluphekisa, ukukulimaza, ukukubulala besebenzisa imilingo. – Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.