Bagqokiswe amaphepha ukuze bangakopeli

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE -

ABAFUNDI baseChuzhou Experimental School eChina bagqokiswe amaphepha emakhanda ukuze bangakwazi ukukopela ngesikhathi sokubhala izivivinyo zabo.

Othisha kuthiwa bebefuna abafundi bangakwazi ukuqalaza.

Abanye abantu bathi lokhu okwenziwe wothisha kuwubuhlakani kanti abanye bathe kungcolisa isithunzi sabafundi.

Okhulumela isikole uthe kungumdlalo okuqondwe ngawo ukuthi abafundi bangaluzweli ukhwantalala.

Ngesikhathi sithushuka lesi sithombe sabafundi begqokiswe amaphepha ezinkundleni zokuxhumana kube nengxoxo yokuthi ngabe le ndlela yokunqanda abafundi ukuthi bakopele ilungile yini.

Nguthisha obegade abafundi okuthiwa usabalalise lesi sithombe.

Bekuthathwa iphephandaba libhotshozwe phakathi nendawo ukuze abafundi baligqoke emakhanda.

Abanye babashayele ihlombe othisha ngobuhlakani abaqhamuke nabo. – Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.