Akafuni ukubalwa nababozayo

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

Park kuphela osangenelwe amagoli amaningi kunabo ngawu-29 asewalande enethini.

Naye uKapini kuzokhumbuleka ukuthi uke walishaya igoli kule sizini yize engunozinti.

“Ngiyazi ukuthi umsebenzi wami njengonozinti wukuvimba amabhola angangeni ngakithi, hhayi ukushaya amagoli,” kusho uTapuwa.

Uqhube wathi: “Yingakho nje ngisebenza ngokuzikhandla ngaleli khefu nomqeqeshi wethu wonozinti uNyama Manyathi.”

UMasuluke, oneminyaka emithathu edlala kwiBaroka ayisize yakhuphukela kwiPremiership ngemuva kokudla ubhedu kwiNational First Division, uthe yize esengenelwe amagoli amaningi kodwa akekho umgadli angathi uyamsaba.

“Angisabi muntu mina,” kusho uMasuluke.

“Akekho ongifaka amanzi emadolweni futhi ngizobakhombisa ngesigamu sesibili ukuthi ngiyinhloboni kapende. Khona akulele kimi kuphela kodwa kufanele sibambisane nozakwethu abadlala emuva,” kusho uMasuluke

EzikaMasuluke ziyibambe emsimleni we-log ngamaphuzu angu-12 ngemuva kwemidlalo engu-15. Zisanqobe emibili kuphela zase zicazelana amaphuzu kweyisithupha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.