ENKUNDLENI

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

ISIPHINDE yashintsha futhi inombolo yonyaka, asethembe lo nyaka obizwa ngokuthi u-2017 usawujabulela. Abanye bayaye bethi unyaka awukwazi ukukuphatha kahle noma ungakuphathi kahle, uwena ozakhela injabulo.

Abanye bakholwa ukuthi iminyaka ayifani, eminye abafuni nokuyikhumbula bese kuthi eminye bathi ibaphathe kahle. Kunanoma ikuphi okholelwa kukona,

asethembe ukuthi lona esikuwona uzowujabulela nomndeni wakho.

Kunobhutshuzwayo uye waqala ngokuthi kuvulwe iwindi lokuthengwa nokudayiswa kwabadlali, hhayi kwi-Absa Premiership kuphela kodwa kumaligi amaningi emhlabeni jikelele. Ngisakhuluma

ngale ndaba cishe uKeagan Dolly uzulelwa ikhanda lapho ekhona ngenxa yokukhungatheka.

Lesi sihlabani seMamelodi Sundowns besiwuvale kahle unyaka ngokunqoba i-CAF Champions League neqembu laso kodwa asiwuqalanga kahle u-2017.

Yini ehlupha lesi sikhwishikhwishi sase-Westbury, eGoli? Mhlawumbe uyazibuza uyaziphendula, kodwa kungenzeka usuzwile. Uma usuzwile kodwa ungayiqondi kahle le ndaba. Khululeka, sizokuhlahlelela yona la engosini ezazi zonke ezithinta ibhola lezinyawo, ikakhulukazi elakuleli.

UDolly uphoxwa ukuthi iSundowns iyamvimba ukuthi asayine kwiMontpellier okuyiqembu elidlala esigabeni esikhulu eFrance i-Ligue 1.

Leli qembu kunemibiko eqinile ethi ngeSonto eledlule lithumele incwadi ezikhulwini zompetha baseAfrika libazisa ngokuthi linesifiso sokuthenga lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala.

Leli qembu likaLouis Nicollin libeke isamba sezigidi eziyisikhombisa zamarandi. Kuthe uma iSundowns isinqaba lesi sicelo, leli qembu labuya seliyiphinde kabili le mali, okusho ukuthi bese kuyisamba sezigidi eziyishumi nane zamarandi.

Naso lesi samba sengathi asamukelwanga eChloorkop njengoba ezikaPatrice Motsepe kuqine amahlebezi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.