‘Kuzosusa uthuthuva okwenziwe yiChiefs’

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

elibahlolayo. Uma ungumdlali kodwa akumele uzixake ngomunye umuntu ozozifunela umsebenzi. Ngicabanga ukuthi nezikhulu zeChiefs zithathe ngokuthi abadlali bayazi ukuthi emsebenzini kumele baziphathe ngendlela ehloniphekile.”

Abadlali abethulwe yiChiefs abazama inhlanhla nguGustavo Paez okuthiwe owase-Italy, isitobha saseBrazil uPedro Henrique Dias DeAmorim, owaseMalawi uMiracle Gabeya nomunye odlala emuva waseIvory Coast u-Ismael Olivier Toure.

“Yebo kulindelwe ukuthi abadlali baziphathe ngendlela kodwa isimo esifana nalesi singalususa uthuthuva oluwumshosha phansi enkanjini. Kuye kube khona ukuhlukana kwemibono ngezimo ezifana nalezi. Abadlali abemukeleka kalula uma bezama inhlanhla ngabasuke bevela ezinhlakeni zenkulisa yeqembu. Lapho-ke uzizwa njengobhuti omdala, uyabasiza,” kusho uBooth.

Uphenyo olwenziwe yileli phephandaba ngemuva kokukhuluma noBooth luveze ezinye izindaba ezishaqisayo.

“Ungumngani wami uSteve (Komphela ocija iChiefs). Siyaxoxa naye ngezinto eziningi. Abadlali ebengazi ukuthi uyabahalela wuPhilanu Zulu weMaritzburg United noKudakwashe Mahachi weLamontville Golden Arrows. Laba angibazi. Ngiyasola futhi sengathi umangaziwe nje naye ngoba ugcine ethe unezitobha ezanele. Uma sekuvela ukuthi kunezitobha ezimbili zonke kulaba badlali ababikiwe, angimboni-ke enesandla ekufikeni kwabo,” kusho umthombo osondelene kakhulu noKomphela.

“Yikho lokhu okwaxosha uStuart Baxter. Ungamangali uma le genge (uKatsande, Gordinho, Maluleka noMathoho) isilandela uTefu Mashamaite, Mandla Masango noKingston Nkhatha abashiya kungazalelwe.”

Kwenzeka lokhu nje iChiefs ekuqaleni kwaleli sonto iveze ukuthi ithumele e-England kwiFulham abadlali bayo abasebancane uGordinho, Ryan Moon, Emmanuel Letlotlo noSiyabonga Ngezana ukuba bayonkashela kuleli qembu.

“Izitobha eziningi kanje? Ngisho nabanye abagadli babo sebedlala njengezitobha!

“Indlela yeChiefs yokuhweba abadlali iyihlaya kwezinye izikhathi, uma ubheka ukuthi bacabanga ukuthi bayiqembu ‘elikhulu’,” ulobe kanje omunye wabafunde lolu daba kwi-www. kickoff.com.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.