Kusolwa itulo lokusoconga uJong-Un

Isolezwe ngeSonto - - EZOMHLABA -

INORTH Korea ngoLwesihlanu isole iCentral Intelligence Agency (CIA) ngokuhlanganyela neSouth Korea ekubopheni itulo lokusoconga umholi uKim Jong-Un.

ICIA ne-Intelligence Services yaseSeoul eSouth Korea, basolwa ngokuthi bebezosebenzisa amaqhinga ezobuchwepheshe ukufakela lo mholi osemncane ubuthi, uma esesidlangalaleni enhlokodolobha, iPyongyang, ngokusho komnyango wezobunhloli waseNorth Korea.

INorth Korea ithi lobu buthi bebuzobulala umholi emuva kwezinyanga eziyisithupha noma emuva konyaka ngoba ubuzobe umudla kancane kancane.

Sishubile isimo phakathi kwePyongyang neWashington, e-US, kulandela ukungahoshelani kukaMengameli Donald Trump noJong-Un, kubangwa udaba lwezikhali zenuzi.

IPyongyang ithi isazohlola esinye isikhali senuzi sesithupha kungekudala okuyinto ezokwenza isimo esibe sibi kakhulu kunakuqala.

Isitatimende seNorth Korea sisabisa ngokuthi lowo othintekayo kuleli tulo bazobhekana naye kanzima, siqhube sithi leli tulo liwukuqala impi kwe-US. -AP-ANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.