Bakhumelene umlotha uBabo noSgwili

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

ANYUKILE amathemba okuthi iqembu lowokholo elahlakazeka isigubhukane lingase libuyelane.

Lokhu kuthiwa kungenxa yokuthi uBabo Ngcobo noSgwili Zuma beKhethelo sebekhulumelane umlotha. Leli qembu belingelinye layintandokazi ngenxa yomculo walo oneNkosi phakathi ngaphambi kokuthi lihlakazeke ngo-2013.

Ngokwemithombo, kulezi zinsuku uBabo noSgwili abahlukani kangangoba nakoWhatsApp baxoxa umzuzu nomzuzu bazisana ngokwenzeka empilweni yomunye nomunye.

“Ukubuya kweKhethelo yinto esakhulunyelwa phansi. Bazama ngazo zonke izindlela ukuthi ukubuya kwabo kube yimpumelelo futhi kuhlonipheke,” kusho umthombo.

USgwili uvele wamangala wathi akaqali ukuthintwa ngalolu daba lokubuyisana.

“UBabo umfowethu ngakho siyaxoxa naye, kodwa besingakafiki odabeni lokubuyisa iKhethelo. Kungenzeka sibuye, kodwa hhayi manje,” kusho uSgwili.

Uthe okwamanje basalungisa ubudlelwano babo ukuze buqine.

UBabo uhambe emazwini kaSgwili ngokuthi kusangenzeka noma yini ngeKhethelo.

“Umfowethu uSgwili, sixoxa naye cishe zonke izinsuku ngokwenzekayo empilweni, kodwa besingakaxoxi ngokubuyisa iqembu.”

Ngesikhathi iKhethelo lisaqopha ngokubambisana lenza izingoma ezihlabahlosile okubalwa kuzo ethi Wena Uyazi, NginguThixo ne- Inxaniwe Inhliziyo. Ukuhlukana kukaBabo noSgwili akugcinanga ngokukhathaza abalandeli kodwa kwabona bebekhumbulana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.