Uyabheda umdanso kababa uL’vovo

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

USEKHONA lobaba okuthiwa uL’vovo Derrango ozenza uDJ Bongz ngokuqhamuka nemidanso?

Lo mdanso wakho L’vovo uyabheda ngisaba ngisho ukuwudansa phambi kwabantu ngoba bazovele bacabange ukuthi ngiyahlanya. Eqinisweni nje uwumbhedo, uzogcina ukuwenza uma uzibuka esibukweni sasekamelweni lakho elincane. Zona izingane zithini bab’Ndlovu uma zibona wenza lo msangano wakho. Zama ukuxhumana noDJ Bongz akusize ngomdanso osile musa ukuqhelelana naye. Kumele akutholele owezidudla ongajulukisi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.