Utakulwe esebhajwe emgodini wethoyilethe

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

KUDINGEKE ukuthi kubizwe abezimo eziphuthumayo ngesikhathi owesifazane waseChina edolobheni iGuangdong ebhajwe emgodini wasethoyilethi ezama ukukhipha i-battery kamakhalekhukhwini wakhe ebiphosekile.

Ngesikhathi ethi uyayikhipha kuthiwa ingalo yangakwesokudla ibambekile yangabe isaphuma. Abezimo eziphuthumayo bachithe imizuzu engu-40 bekhipha lo wesifazane emgodini. Kuthiwa kuphoqeleke ukuthi babulale ithoyilethi ukuze kukhishwe ingalo ebibhajiwe.

Kuthiwa lo wesifazane osebenza kuyo le ndawo uchazele abezimo eziphuthumayo ukuthi kuphoseke i-battery emgodini wazama ukuyikhipha kwabhajwa yena. Ube esexilongwa waphuthunyiswa esibhedlela esiseduze lapho abeyothola khona ukwelashwa .

- Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.