U-Ayanda Ncwane usenohlelo lweTV

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

UMFELOKAZI wesihlabani somculi wokholo uSfiso Ncwane, u-Ayanda usengumethuli wohlelo lwabesifazane lwezingxoxo kwiRiteVac TV.

U-Ayanda usekhiphe isikhangiso ku-Instagram wakhe lapho ekhangisa ngohlelo lwakhe iTea, Talk and Tissues okubhekeke ukuba luqale ukusakazwa kungekudala. Isiteshi oluzodlala kusona iRiteVac TV itholakala kwiinternet. Esithombeni ubhale ukuthi lolu hlelo luthembisa ukuvusa imizwa nomunyu ecashile kubabukeli.

“Uma ngabe ucabanga ukuthi ubhekene nesikhathi esinzima, linda kuze kube uyazizwela ukuthi abanye besifazane babhekene nani. Yebo sizolidinga iphepha lokuzesula izinyembezi ngenxa yokuthi zonke izingxoxo zethu zizophetha ngokuba nezinyembezi,” kusho umbhalo esikhangisweni.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwakhe ayiphumelelanga. Obambe ucingo lwakhe ucele abuye athintwe ngelinye ilanga.

ITea, Talk and Tissues ichazwa njengohlelo oluzothinta abesifazane ngaphakathi lubheke nezinselelo abanazo empilweni.

Kwenzeka lokhu nje u-Ayanda useke waba sematheni ngokuba nobudlelwane obumuncu noninazala wakhe uNksz Fikile Ncwane. Lokhu kudale ukuthi banekelane amahlazo omndeni emphakathini. Muva nje Isolezwe ngeSonto libike ngesigameko lapho u-Ayanda ethathele uninazala incwadi emnqabela ukuba asondele eduze kwakhe nakubazukulu bakhe. Lokhu kwenzeke ngesikhathi kubungazwa usuku lokuzalwa lukamufi nokuyinto okuthiwa yashiya uNksz Ncwane ehayiza.

Ngokuba nalolu hlelo kukaAyanda uzolandela kwabanye osaziwayo abanezinhlelo kwi-internet. Phakathi kwabo kubalwa uBoity Thulo noNonhle Thema.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.