Kuvuse izilonda ukubulawa kukaKarabo

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

kube sematheni kusukela uyis’omncane eveze ukuthi akaziwa ukuthi uphi.

Ngesikhathi kuvela izindaba zokutholakala kwesidumbu sakhe kuboshwe isoka lakhe uSandile Mantsoe okuthiwa uzivumele ngokwakhe ukuthi umbulale maqede wamokhela ngomlilo.

Umsolwa uvele kafushane ngoLwesihlanu enkantolo yeMantshi eGoli ngecala lokubulala.

Icala lihlehliselwe uMeyi 24 nokuyilapho kuzolalelwa khona isicelo sebheyili.

Uyise omncane kaKarabo, uMnuz Tshepo Mokoena, ucashunwe ethi imininingwane ngamalungiselelo omngcwabo izomenyezelwa khona maduze.

“Okwamanje kusaphothulwa ulibofuzo kodwa ngoMsombuluko sizobe sesinolwazi oluphelele ngokuthi uzofihlwa nini,” kusho uMokoena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.