Babhoboka ngobesebenza kwamasipala obebaqola

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

USHIYE kukhalwa komakhelwane owesifazane obesebenza kuMasipala weTheku obehamba elutha abantu ethi uzobafaka emsebenzini athathe imali bese enyamalala.

UNksz Fisani Mthiyane (38) usevele kabili enkantolo yeMantshi yaseThekwini emuva kokukhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngasekuqaleni konyaka.

Lo wesifazane obesebenza ukuhlanza imigwaqo kumasipala kuthiwa watshela omakhelwane bakhe ukuthi unolayini wokufaka abantu emsebenzini kodwa kufanele bakhiphe “intshontsho’’.

Kuthiwa ubengumuntu oshintsha izindawo engahlali kakhulu endaweni eyodwa isikhathi eside. Kuthiwa ubehamba ewenza lo mkhuba ezindaweni eziningi koMayville nakwezinye izindawo ezakhele iTheku. Kuthiwa ngesikhathi esebanjiwe waxolisa wabika ukuthi ubenziwa ukuxakeka okwamenza wafikelwa uSathane wokuqola omakhelwane bakhe.

Omunye wabantu abaqolwa owayefunela umzukulu wakhe umsebenzi, uNkk Edith Busisiwe Rhadebe (63).

Uthi lo wesifazane wayengumakhelwane wabo ethembekile nje. Wagcina emqole u-R2 000 ethi uzofaka umzukulu wakhe emsebenzini.

“Ngangikhalile ngithi akongizwela izikhala emsebenzini ngoba ngibona umzukulu wami ebhuquza ekhaya. Wathi angikhiphe into encane uzongilungisela ngaze ngathatha imali yokugcina engangizothenga ngayo imbuzi yomsebenzi ngamnika yona,’’ kusho uNkk Rhadebe.

Omunye womakhelwane naye owaphoseka esikhisini uNkk Lule Renene (46), uthe yena wahlukana noR1 500 edizela lo wesifazane ngethemba lokuthi uzowuthola umsebenzi kanti akabuzanga elangeni.

“Sesiyabona ukuthi baningi abantu asebaqolile lo muntu ngoba akahlali isikhathi eside endaweni uhlala ethutha. Kusobala ukuthi usuke esebaleka egila lo mkhuba kwenye indawo.

Nami ngaheheka ngoba wayekhuluma kahle ezongisiza ngoba ngihluphekile,” kusho uNkk Renene.

UNksz Mthiyane uzophinde abuyele enkantolo kusasa ngaleli cala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.