Iya ngokuduma imisakazo e-online

Isolezwe ngeSonto - - IMIBONO -

kwayo ngingakufanisa nesidingo sikaphethroli emotweni. Ungaba nobutsetse bemoto kodwa lokho akuthi shu ngoba ngeke iye ndawo ingenaphethroli, okanye udizili.

Ocingweni kufuneka udownlode i-application yalowo msakazo. Lokhu kusho ukuthi lemisakazo idinga abantu abangaswele emasentini uma kuqhathaniswa neyakudala okubaluleke ukuthi kuyona ube nelahle noma ugesi futhi nawo odleka kancane ngesikhathi ulalele umsakazo.

Yize i-online inezimfuno ezithe xaxa kodwa ibukeka idla lubi entsheni. Lokhu kungenxa yolimi olukhulunywa kule misakazo. Lungempilo esheshayo, ezokungcebeleka, ezemisebenzi nomculo osematheni.

Omunye uzothi lokhu akwehlukile kulokhu okutholakala kwimisakazo yakudala. Impendulo kulokho izothi nakuba kungekho umehluko ongakanani kodwa abe online inhloso wukusebenzisa noma yini ethinta izihloko ezishisayo, ezikhonzwe ngabantu abasebasha abasezintweni nezinestayela ukuheha.

Yize kunjalo, ukwanda kwezobuchwepheshe bunika ithuba kunoma ngubani lokuziqhamukela nento yakhe. Kusukela ezinkundleni zokuxhumana ezifana noFacebook, ikuma sound cloud izindlela zokuzivezela umkhiqizo zithe chithe saka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.