OweCountry Music ubuya nesinye isitayela

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

UBUYA nesitayela esihlukile umculi weCountry Music uThemba Msomi owazakhela udumo ngengoma ethi: Abafana eyayikwi-albhamu yakhe yango1997 iZulu Cowboy.

Lo mculi uzoshiyelana inkundla noNicky Shange ozobe enandisa eLuthuli Museum eGroutville ngoJune 2.

Uthe kulokhu uza nesitayela esehlukile esixube i-blues, gospel ne-jazz.

“Yize ngingowaKwaZuluNatal kodwa kuzobe kungokokuqala ngizoveza lolu hlobo lomculo wami kubantu bakulesi sifundazwe njengoba ngijwayele ukunandisa eGoli, eGiyani eLimpopo, iseVenda nakwezinye izindawo. Abaningi bangazi ngingumculi weCountry Music KwaZulu-Natal. Isitayela engibuya naso manje sihluke kakhulu. Inhloso yami ukuthi ngijabulise abantu abehlukene ngokuthi ngididiyele izingoma ezixube izinhlobo zomculo eziningi,” kusho uMsomi.

Uzobe enandisa ngaphansi kohlelo lweConcerts SA oseluletha abaculi abanohlonze abanandisa ngaphansi kwayo.

UMsomi uthe izinga ulinyuse kakhulu kulokhu kangangoba uze walanda nophrojusa ohlonishwayo emculweni ophinde abe ngumdlali wopiyano kwibhendi yakhe uMuzi Manzi noPaul Williams omdlalela isiginci noke wasebenzisana neJoyous Celebration. Uthe yingakho ezithemba ngesitayela sakhe esisha nathe abantu bebelokhu besithokozela njalo uma enandisa ezindaweni ezahlukene.

Ngaphandle kokuba ngumculi, uMsomi uke walingisa emdlalweni wakwaSABC1, Umuzi Wezinsizwa, nasemafilimini ehlukene okukhona kuwona iThe Deejay Man, lapho ayelingisa khona indawo yokuba yiphoyisa.

Enye ifilimu asake alingisa kuyona iDiepkloof Dutsmine nomdlalo Ifa lakwaMthethwa.

Umcimbi azonandisa kuwona eGroutville uzoqala ngo-3 ntambama kanti kungenwa ngo-R30 okhokhwa emnyango ngosuku lomcimbi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.