IKasi 2 Kasi ifaka Ugu Jazz Fest kubantu

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

Awareness Campaign.

Izolo bebeseMadadeni eNewcastle baze baphelela eSakabuli B&B athe bebeyibhukhe yonke ukuthi bazolala kuyona.

“NgoMgqibelo ozayo ngoMeyi 20 sizobe sisesifundazweni iMpumalanga elokishini eMbalenhle. Sizosuka khona siye Esikhaleni eMpangeni eDumile’s Place ngoMeyi 21.

NgoMeyi 27 sizobe siseMtata, e-Eastern Cape, sihambela zonke izindawo zobumnandi. NgoJuni 3 sizobe siKwaMashu eGugu Phungula’s Kitchen kaD. NgoJune 11 sizoba seSport and Leisure ePort Shepstone. NgoJuni 16 sibe seShadows KwaDabeka. NgoJuni 18 sibe eSochila Exclusive Lounge kaMay Maphumulo eLamontville sigcine ePort Shepstone ngoJuni 23 kwiPre Party yoGu Jazz kanti nasemcimbini sizoba khona ngoJuni 24,” kusho uLwazi.

Uthe noma engeke abadalule lonke uhlu lwabaculi abazobe behamba nabo kulezi zindawo ngenxa yokuthi bazobe beshintshashintshana kodwa uqinisekise ngoDJ Muntu uJikeleza, Mlu D, Bro Mdu noJazzman.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.