Hhayi ngeke Babes Wodumo awuyeke ukuziphoxa

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

UBABES Wodumo yingane enhle impela ethembisayo. Futhi sizoyeseka thina esithanda igqom’. Izinto zonakala uma eke wavula umlomo, uBabes, uvele aphoxe. Usithathaphi nje isibindi sokuthi athi uma engawini kumaSama ngeke esayingenela imiklomelo? Nge-albhamu eyodwa nje vo usukwazi ukuduba? Uyazi ukuthi oTrompies no-Oskido bashizila iminyaka emingaki bekhipha amaalbhamu bengawini?

Hhayi ngeke Babes, musa ukuziphoxa. Wena Mpintsho uthuli uthini ingane ibhayiza? Futhi asiyithandi nale nto yobuhlathi bokuthi uthi bathi igqom’ umculo wezidomu. Manje ngoba uyiGqom Queen, bese sithi uyini ke thina?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.