Uyoze athi tshiyo tshiyo sengivuthiwe uGigaba

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

WAKE waziyala kodwa uNgqongqoshe wezezimali eNingizimu Afrika uMnuz Malusi Gigaba ngokujola nale ntokazi yaseShowe esizinze, eNew York, uBuhle Mkhize.

Ngendlela le ntokazi esimsabisa ngayo ku-twitter kuyabonakala ukuthi ungqongqoshe wazigxoba ngaphambili ngokuzwana nayo. Ngakithi uma intombazane yenza kanje sithi uziyalile ngokuzwisa uhlanya into emnandi ngoba luxoxela ngisho imbuzi ukuthi luzweni. Ngiyacela Buhle ungayenzi lento oyenzayo, umholi lo omenza kanje. Futhi ibuhlungu nale nto yokuthi ufanise umkakhe uNorma nenunu esamuntu, uHomo Naledi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.