Ake ubheke umsamo Majozi konakele

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

HHAYI BANDLA kuzomele uXolani Majozi, ongumxhumanisi weLadysmith Black Mambazo nomphakathi, ake ayobheka umsamo wakhe.

Angimazi umuntu onebhadi lezigebengu kanje.

Esahlala KwaMashu wayeyincoso yazo zimgqekezela imihla ngemihla.

Nakhu manje usele koGoli useqhunyiselwa izibhamu ufunwa imali.

Majozi kanti yile eyisibunge sezigebengu la kuwena kangaka?

Awuke ukhulume empephweni ndoda konakele.

Ngoba nama-dreadlocks sewawagunda nje bakusolani?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.