Kuboshwe opotoza abesifazane ebasesha

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE -

UZIQHATHE nengalo yomthetho unogada waseZhengzhou, eChina ngokutoboza abesifazane ngaphambili ebasesha ngesikhathi bezogibela ibhasi.

Lo nogada ubephethe induku yokusesha bonke abantu abazogibela ibhasi ngesikhathi egila lo mhlola.

Uma kudlula abesilisa ubonakala esebenzisa induku yokusesha kuphela akabathinti ngesandla, kodwa uma esesesha abantu besifazane ubathinta ngale nduku maqede aphelezele ngesandla sakwesobunxele ebathinta lapho ehalela ukuthinta khona lowo asuke emsesha.

Abanye ubonakala ebathinta amabele kanti abanye ubonakala ebathinta isitho sangasese.

Ngesikhathi egila lo mkhuba ubebonakala ezikhululekele nje engathi yinto evumelekile kanti ngebhadi amakhamera ayasiqopha lesi senzo sakhe.

Esiqeshini se-video esifakwe ekhasini lePeople’s Daily Weibo, unogada uvela egila lo mkhuba kwabesifazane abebelandelana bezogibela ibhasi.

Lo mkhuba kalo nogada umdonsele amanzi ngomsele njengoba egcine ngokuboshwa wahlala izinsuku ezinhlanu esitokisini.

Lokhu kuza ngemuva kokuba kukhona owesifazane ofake isimangalo kwiziphathimandla zamabhasi akulelizwe.- Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.