Kushone abangu-19 engozini enyantisayo

Isolezwe ngeSonto - - EZAMAZWE -

KUSHONE abantu abangu-19 engozini yebhasi namaloli amabili izolo ekuseni eGilgil, esenyakatho esentshonalanga yeNairobi eKenya.

“Sibe nengozi embi namhlanje ekuseni, lapho kushone khona abantu abangu-18 ujuqu, kusho uMnuz Hassan Barua ongukhomanda emaphoyiseni.

Omunye umgibeli ushonele esibhedlela. Amaphoyisa athi ibhasi belizama ukusika ngesikhathi lidala le ngozi.

Kunenqwaba yabangeniswe esibhedlela.

Cishe bangu-3 000 abantu abashona ngonyaka emigwaqweni yaseKenya ngokwezibalo zamaphoyisa, kodwa abeWorld Health Organisation bathi isibalo empeleni siphindwe kane, babalelwa ku-12 000.

Ngenyanga edlule kushone abantu abangu-26 kutholana mahlanze ibhasi neloli emgwaqweni onguthelawayeka phakathi kweNairobi neMombasa.

NgoDisemba iloli elalithwele uwoyela lashayisa izimoto eziningi lagqamuka amalangabi kwashona abantu ababalelwa ku-40. -ANA-AFP

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.