IDemocratic Republic of Congo ihlaselwe yi-Ebola

Isolezwe ngeSonto - - EZAMAZWE -

SEKUSHONE umuntu oyedwa emuva kokubheduka kwesifo se-Ebola enyakatho neDemocratic Republic of Congo (DRC) njengoba abezempilo besaqaphe iziguli eziyisishiyagalolunye okusolwa ukuthi zinalesi sifo.

Kunabanye ababili abashonile okusolakala ukuthi bathathwe yiyo i-Ebola, ngokuchaza koMnyango wezeMpilo nabeWorld Health Organisation (WHO) ngoLwesihlanu.

Lesi sifo esiyingozi kakhulu sibheduke esifundazweni iBasUele ngo-Ephreli 22, ngokusho kukaNgqongqoshe wezeMpilo uMnuz Ilunga Kalenga.

Ukubheduka kwaso kungenzeka kuvivinye umshanguzo iWHO ethi ungasetshenziswa ezimeni eziphuthumayo.

Abenhlangano yemishanguzo iGAVI bathi banemishanguzo engu-300 000 ekhona uma kwenzeka idingeka.

I-DRC ayiqali ukubhekana nenkinga ye-Ebola njengoba ike yahlasela nango-2014. Lokho kubheduka kwakungahlangene nokwenzeka eGuinea, Liberia naseSierra Leone okwabulala abantu ababalwa ngezinkulungwane.

Okwamanje lesi sifo sisakhonjwa kulesi sigodini esikude, iLikati. Izolo uDkt Allaranar Yokouide omele iWHO eCongo, uthe bebelindele ithimba lochwepheshe abazolekelela eLikati eqhele ngo-1 300km kwinhlokodolobha iKinshasa.

“Akungeneki kalula eLikati, kodwa kubalulekile ukuthi sibheke abantu okungenzeka ukuthi bangenwe yilesi sifo ukuze sisinqande,” kusho uDkt Yokouide.ANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.