Uzigwaze ngowakhe uPhiri edelela umyalelo weqembu

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

nesinqumo esingivunayo ngahamba. Ngeshwa ngathi uma sengise-Airport ngathola umbiko othi, cha.

“Ayikho into engangibe ngisayenza ngoba ngase ngihambile nethikithi lendiza selikimina. Ngesikhathi ngikhuluma noLunga kuqala ngaphambi kokuthi ngiye kumqeqeshi wangenqabela.”

UNhlanhla Mkhathini, obhekene nezokuxhumana kuleli qembu uphawule wathi: “Nami ngizwe kuthiwa akekho ngoba ubeseCameroon lapho ebeyothamela khona izifundo zokuqeqesha.” Ebuzwa ukuthi ngabe uzoqondiswa yini ubugwegwe njengoba ebengagunyaziwe uthe lokho kungaba

yinto yangaphakathi eqenjini.

“Ukuqondiswa ubugwegwe kungaba yinto yangaphakathi okungeke kwaba yinto yabemithombo yabezindaba,” kubeka uMkhathini.

Namuhla AmaZulu azodlala neFC Cape Town emdlalweni okufanele anqobe ukuze akwazi ukuzibekisela indawo kumaPlay Off. Elinye iqembu laKwaZulu-Natal elisethubeni yiRoyal Eagles ezodlala neWitbank Spurs eMbombela Stadium. Imidlalo yokugcina yeNFD namuhla ngo-3 ntambama. Leopards v Mthatha Bucks (Thohoyandou Stadium); Cosmos v University of Pretoria (Tsakane Stadium); Witbank Spurs v Royal Eagles (Puma Rugby Stadium); FC Cape Town v AmaZulu (NNK Rugby Stadium); Stellenbosch FC v Santos (Athlone Stadium); Cape Town All Stars v Milano United (AFC Parow Park); Mbombela United v Magesi FC (Kanyamazane Stadium); Real Kings v Thanda Royal Zulu FC (Sugar Ray Xulu Stadium)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.