Izingxoxo ngeMandela Day Marathon

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

USEZINGXOXWENI nesikhondlakhondla somjaho wamabhayisekili odume umhlaba wonke iToure de France umjaho weqhawe lomzabalazo uNelson Mandela ongasekho emhlabeni.

Umjaho kaMadiba owaba ngumengameli wokuqala wentando yabantu waziwa ngeleMandela Day Marathon.

Lo mjaho owu-42,2km usuka eMgungundlovu uphelele eNelson Mandela Capture Site, eHowick.

Abanye amabanga akhona kulo mjaho ngu-21/1km, 10km ne-4 6664km VIP Road Race.

Ukungenela lo mjaho kuvulwe ngoLwesine kanti kuzovalwa ngoJulayi 31. Kulo nyaka kuzothathwa izicelo ezingu-15 000.

Umjaho uzoba ngo-Agasti 27. Ngo-Agasti 26 kuzoba neMountain biking, Triathlon neTrail Running.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokubambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube utshele abezindaba ngoLwesine ekuseni ngesikhathi kwethulwa iMandela Marathon ukuthi baxoxa neToure de France.

“Lo mqhudelwano uyakhula. Ngikhuluma nje abeTour de France bake basithinta ngenhloso yokuthi sisebenzisane. Okwamanje angizimisele ngokuphumela obala ngeminye imininingwane ngoba le ndaba isakhulunyelwa eziko,” kusho uDube-Ncube.

Umgijimi ozophuma phambili uzohlabana ngo-R100 000 bese kuthi ophume endaweni yesibili agoduke no-R50 000 njengoba ongene kweyesithathu ezothola u-R25 000 ku-42.2km.

Isolezwe ngeSonto lihabule ngomthombo walo ukuthi indaba yeToure de France kusamele iphasiswe yikhabhinethi.

“AbeToure de France banentshisekelo enkulu yokusebenzisana neMandela Day Marathon. Izingxoxo nabo ziyaqhubeka. Osekusele wukuthi yonke into iphasiswe yikhabhinethi. Bafuna ukwenza umzuliswano weToure de France e-Afrika,” kusho umthombo.

IToure de France ithathwa njengeminye yemijaho ehamba phambili emhlabeni.

IToure de France yasungulwa ngo-1930. Isibekhona iminyaka engu-103.

Ungqongqoshe wezeMidlalo uBongiwe Sithole-Moloi uphonsele abagijimi baseKZN inselelo yokuqeda ukucanasa kwabagijimi bangaphandle kwiMandela Marathon.

“Sigqugquzela bonke abafuna ukungela lo mjaho ukuthi bafake izicelo zabo ngokushesha ngoba ngeke sithathe abagijimi abangaphezu kuka-15 000. Sehlise izibalo ngenxa yokuthi kunezinto abakhale ngazo. Kuyasijabulisa ukuthi kunabantu abakhombisa intshisekelo yokusebenzisana nalo mjaho. Ukuheha imijaho yomhlaba kusidweba sicace isithombe sokuthi iMandela Marathon ibheke kuliphi izinga. Sithi kubagijimi baseKZN abazimisele. Akumele bavume ukukhishelwa esibayeni sabo. Phela imihlomulo yalo mjaho mihle kakhulu ngakho akumele bavume ukuthi iye ngaphandle kwesifundazwe,” kusho uSitholeMoloi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.