IGagasi lingase lishiywe yizilomo zabasakazi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

UTP kuvela ukuthi njengoba engase ashiye iGagasi useya kwiVuma 103 FM kanti uThandolwethu akukakacaci ukuthi uya kuphi. Ngesikhathi ethintwa uThandolwethu uthe: “Kunomhlangano ohleliwe esizoba nawo nabaphathi beGagasi FM ukuzoxoxisana nabo ngenkontileka yami. Okwamanje akukho engingakuphawula ngoba asikakaxoxi.” UTP yena uthe umthetho awumvumeli ukuthi akhulume ngalolu daba. “Kusazoba nesithangami nabezindaba kuzochazwa ngazo zonke izinguquko. Impela mfowethu bengithanda ukukusiza kodwa ngeke ngikwazi,” kusho uTP. Maqondana nodaba lwezinkundla zokuxhumana ukuthi akabonwa, uthe ngamampunge lawo. Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu uthe okwamanje abakazophawula ngabasakazi abazohamba noma abeza emsakazweni. “Kuzoba nesithangami sabezindaba esizoba naso mayelana nezinguquko emsakazweni esizoba naso ngesonto elizayo (kuleli sonto). Okwamanje ngeke ngikwazi ukuphawula ukuthi kukhona yini abasakazi abazohambayo noma abeza emsakazweni. Engingakuqinisekisa ukuthi ikhona imininingwane esizoyethula kwabezindaba kodwa ngeke ngikwazi ukuyidalula njengamanje,” kusho uShandu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.