Umfundisi oyinyanga ecaleni loklinywe wacwiywa ubuntu

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

IBOSHELWE esibhedlela eBethesda eJozini inyanga ephinde ibe ngumfundisi esolwa ngokuthinteka ekufeni kwebhungu eliklinywe maqede lacwiywa.

Lo msolwa uzovela enkantolo elimele ngemuva kokutaxwa amalungu omphakathi abemsola ngokubulala uBongumusa Thwala (25) waseMangweni KwaMhlabuyalingana. Isidumbu sikaThwala sitholwe ngoLwesihlanu sigqithwe engadini.

Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lithe uThwala ubebikwe ngenyanga edlule emaphoyiseni njengomuntu odukile.

Lithe isidumbu sakhe sitholwe sicwiyiwe isandla sangakwesobunxele nesitho sakhe sangasese.

Leli phoyisa liqhube lathi ukutholakala kwakhe kube ngenxa yokuncinzwa kwamalungu eSikebhe ngumphakathi abesola izihlobo zikamufi zinolwazi ngokunyamalala kwakhe.

“ISikebhe sithinte amaphoyisa abophe abasolwa ababili okukhona nenyanga, bazovela kusasa enkantolo yeMabtshi Ubombo kanti kukhona nesihlobo sikamufi. Kulaba abazovela kukhona oculile waveza isizathu sokubulawa kukaThwala.”

Kuthiwa obecula, udalule ukuthi bebethi uThwala wabulala unina (kamsolwa) ngokumthakatha, yingakho bebone kungcono ukuthi baziphindisele ngokumklinya aze afe,” kusho elinye iphoyisa eliwumthombo.

Liqhube lathi inyanga ephinde ibe ngumfundisi, engakabulawa umufi yacela ukuthi uma esebulewe anikwe isitho sangasese nesandla sakwesokudla, kodwa ngenkathi embiwa kutholwe ukuthi ingalo yangakwesobunxele ayisekho.

Umthombo uqhube wathi akuqondakali ukuthi izitho zomzimba zinqunywe esaphila noma eseshonile yini umufi.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe alikho icala elifuze leli elibikiwe kule ndawo.

Yize kunjalo kodwa amalungu omphakathi axoxe neSolezwe ngeSonto angomakhelwane athe kukhulunywa nje kukhanya amakhandlela kwaThwala, kukhona neZayoni zizobhonga emswaneni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.