Umaskanda ukhala ngokuqolwa imali

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

Ngangikhuluma ngixhamazela,” kusho uMaqhinga.

Uthe wabe esefaka le mali okuvunyelwene ngayo esitolo kwaShoprite emuva kwalokho wathi uyamshayela ucingo wangabe esatholakala lo mlisa. Uthi kulapho abona khona ukuthi sengathi imali yakhe imuke nomfula.

“Wayeyihlele kahle lo muntu le nto yakhe, kodwa nami ngifunde isifundo ukuthi ngibabhekisise abantu abasuke bekhuluma ngokusiqasha ngoba kukhona namaqola asuke ethola ithuba lokusiqola,” kusho uMaqhinga.

Omunye wabaculi abacishe bangena esikhisini uQhoshangokwenzakwakhe ophumele obala naye wathi le ndoda yake yamzama, kodwa inkukhu yawusola umgqakazo wangayifaka le mali.

Uthe ucela abaculi baxwaye le ndoda ngoba kungenzeka iqhubeke nale mikhuba yayo. Imizamo yokuthola ukuphawula koMnyango wezeMpilo ayiphumelelanga njengoba bethunyelelwe imibuzo kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela bengaphendulanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.