Ulahlekelwe yithemba ngeLotto

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

ASHABALELE amathemba okuthi uyophinde azithole izizumbulu zemali yakhe owesilisa waKwaNdengezi ngemuva kokubulawa kukasomabhizinisi wendawo abemsola ngokubaleka nethikithi lakhe leLotto.

UMnuz Tembo Phiri (55) waKwaNdengezi, kuthiwa uvele wathi dlengelele uma ezwa ngokubulawa kukaMnuz Sbu Ngubane (52) obephinde abe ngumabhalane emaphoyiseni kaMasipala weTheku.

UNgubane kuthiwa ungqoklozwe ngenhlamvu eyovala isitolo sakhe ngeSonto ebusuku.

Ukufa kwakhe kushiye abaningi bedidekile njengoba kuthiwa ubenezitha eziningi kanti nasemsebenzini kuthiwa ubesezidalele amazinyo abushelelezi kubaphathi akade ebavulele icala.

UPhiri uthe uNgubane useze wangena egodini engayikhokhanga imali yakhe enguR5 million ayiwina kwiLotto ngo-2008.

“Kungiphatha kabi ukuthi ufe engakayikhokhi imali yami. Kumanje ngiyagula, ngashaywa yisifo sohlangothi ngenxa yokhwantalala. Kwakubuhlungu ngimbona egwilika ngemali yami. Ngangimthembile njengosomabhizinisi ohlonishwayo endaweni, ngamnikeza ithikithi lami ukuthi ayongibhekela ukuthi ngabe ngiwine ngempela. Ubengenawo ngisho nonembeza engibona ngihlupheka,” kusho uPhiri.

Ilungu lomndeni kaPhiri elingathandanga ukudalulwa, lithe basizwa isibhamu siqhuma ngosuku okubulawe ngalo uNgubane, kodwa banganaka ngenxa yemvula.

“Sezwa sekungqongqoza omunye womakhelwane ezosibikela ukuthi uSbu usebulewe esitolo sakhe. Asizange sikholwe, saze saya khona ngoba sifuna ukuzibonela. Ngempela safika sekugcwele amaphoyisa edindilize phansi. Sajabula ngokufa kwakhe kodwa sabuya nganeno uma sesicabanga ukuthi akasophinde aphendule ngemali kamalume,” kusho ilungu lo mndeni.

Lithe ngeke balubhade emngcwabeni.

“Akekho ophatheke kabi ngokufa kwakhe, ngisho omakhelwane nabo bathi baphumule. Noma eseshonile kodwa imali kamalume isadingeka. Umndeni wakhe kumele uyibuyise ngoba ubeyidla nawo,” kusho leli lungu.

NgoFebhuwari nonyaka ngesikhathi Isolezwe ngoMgqibelo libika ngalolu daba uNgubane wathi lezi zinsolo zimphatha kabi ngoba zingcolisa igama lakhe.

Umkakhe uNkk Ethel Ngubane (51) ongaphandle ngebheyili ngecala lokwakha itulo lokubulala uNgubane ngoSepthemba nyakenye, ubhoke ngolaka ngesikhathi Isolezwe ngeSonto limbuza ngomngcwabo kaNgubane.

Uthe abapotshozela iphephandaba izindaba zomyeni wakhe abaqhubeke, yena akaphawuli.

Isolezwe ngoLwesihlanu libike ukuthi sekuqubuke umbango wesidumbu phakathi kukaNkk Ngubane nabasemzini osekuholele ekuphazamisekeni kwamalungiselelo omngcwabo.

IDaily News enguzakwabo weSolezwe ngeSonto ibike ukuthi kunezinsolo zokuthi ubulawe ngasebenza nabo njengoba kade engufakazi ophenyweni oluthinta izikhulu.

Kanti ngo-2015 kwabulawa uzakwabo uMnuz Innocent Chamane owayesolwa ngenkohlakalo nokuphatha abasebenzi ngesandla sensimbi.

Kuboshwe abasolwa abathathu abaneminyaka ewu-18 kuya ku-20 ngecala lokubulala uNgubane, kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasePinetown maduze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.