Bangena bededelana osopolitiki eNquthu

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

isikipili sokugcina kubavoti emibuthwaneni abazobe bethula kuyo izinkulumo zabo. Phambilini kufike umholi we-DA uMnuz Mmusi Maimane.

Umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe umbango omkhulu uphakathi kweANC ne-IFP njengoba nangokhetho lwanyakenye la maqembu abambana kwashunqa uthuli.

“Abaholi sebekwenze konke manje sekulele kubavoti ukuba bakhethe ukuthi bafuna ukuholwa ngubani.”

I-ANC kwesobuMeya ifolosa ngoMnuz Lucky Moloi ongusomabhizinisi odumile oke wahola inhlangano iNafcoc.

I-IFP kwesobuMeya igadla ngoMnuz Mabilabila Kunene.

UKunene ungaphandle ngebheyili ngemuva kokuthi eboshwe namanye amalungu eqembu lakhe ayizinsika eNquthu esolwa ngokubopha itulo lokuzama ukubulala owe-ANC.

Okhulumela i-IEC KwaZulu-Natal, uMnuz Thabani Ngwira, uthe konke sekumi ngomumo ngamalungiselelo okusingatha lolu khetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.