Ithembisa intuthuko imenenja entsha yeTheku

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

UKUTHUTHUKISA amalokishi akhele iTheku nokuqinisekisa ezokuphepha kuleli dolobha kuhamba phambili kwimenenja entsha kaMasipala weTheku, uMnuz Sipho Nzuza.

UNzuza wethulwe ngokusemthethweni eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoLwesihlanu ekuseni. Ungene esikhundleni sikaMnuz Sibusiso Sithole obeyimeneja yalo mkhandlu.

Uthe usemusha ehhovisi kodwa zikhona izinto asezihlonzile ukuthi kumele zenziwe.

Uthe njengoba kuqinisekiswe ukuthi iTourism Indaba izoba seThekwini iminyaka emihlanu leli thuba bazolisebenzisa kakhulu ukuthuthukisa osomabhizinisi abasebhizinisini lezokuvakasha.

Uthe kuningi okusazokwenzeka. Uthe abantu abalinde okuhle njengoba naye esenza ucwaningo ngezinto ezidingwa yibo. Uveze nokuthi imicimbi yokujabula ezokwenziwa eThekwini akuzoba ngeyokujabulisa abantu nje kuphela, kodwa kuzomele kube ngethuthukisa nabantu bakhona.

IMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede iphawula ngokwethulwa ngokusemthethweni kukaNzuza ithe ayimngabazi nakancane uNzuza ngokuthuthukisa amalokishi ngebhizinisi lezokuvakasha ngoba yinto ayiqonda kahle leyo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.