‘Angiyena umdlwenguli’

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

USEHAMBA ejeqeza umlingisi woZalo olukhonjiswa kwiSABC1 ngenxa yendawo ephathelene nokudlwengula ayilingisa kulo mdlalo.

USimo Magwaza ( osesithombeni) waseMzinyathi eNanda odlala indawo kaMbhekiseni oyisoka likaMaMlambo, uthe indawo ayidlalayo yokuhlukumeza izingane ngokocansi isimakhele isigcwagcwa. Uthe useqala ukukhathazeka ngendlela abantu asebembuka ngayo selokhu kuqale ukuvela ukuthi ungumdlwenguli kuZalo olungena ngo-8:30 phakathi nezinsuku.

“Ngiyayithanda yona le ndawo engiyidlalayo, kodwa wukuthi ibuye ibe nzima ngoba indaba yokudlwengulwa kwezingane kuleli yinto esematheni futhi abantu abahambisani nayo. Manje bebesajabulela ukuthi ngiyisoka likaMaMlambo, yashintsha indlela abangibuka ngayo uma sekuvela isiqephu sokuhlukunyezwa kwezingane,” kusho uMagwaza oke wadlala nakwiThe Queen.

Uthe useqala ukuphatheka kabi ngokuthi le nto imveza njengomuntu owenza into embi ikakhulukazi kulabo abangaqondi kabanzi ngemidlalo yethelevishini.

Uthe nabangani bakhe bake bamshayela ucingo bekhala ngokuthi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.